top of page
Child of God or a child of the Devil
All of mankind is “under the law” (The law of sin and death) until they come into covenant through faith in the Messiah and receive salvation by grace through that faith.
anyone who does not practic righeousnes is not of God

,

Ingane KaJehova   

                          Noma ingane kasathane.

Ngokuba abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu.

Isaya 61:1

Injongo yokuphila?  Nansi indlela yokuthola ukuphila okuphakade, ukwazi wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, noJesu Kristu owamthuma emhlabeni. Johane 17:3

Ngemva kwakho konke lokhu, yinye kuphela into ongayisho: Mesabe uNkulunkulu, futhi ulalele imiyalo Yakhe, ngoba lokhu yikho konke esakudalelwa kona lokhu kuwumsebenzi wawo wonke umuntu. UmShumayeli 12:13 

  • Siyini isoni? Wonke umuntu owonayo wephula umthetho kaNkulunkulu ngoba isono siyafana nokweqa umthetho kaNkulunkulu. 1 Johane 3:4

  • Lowo owenza isono ungokadeveli, 1 Johane 3:8

  • UNkulunkulu uyayenyanya imithandazo yomuntu ongawunaki umthetho. IzAga 28:9

  • Bonke abaqamba amanga bayozithola besechibini elivuthayo nesibabule. Lokhu kungukufa kwesibili.” IsAmbulo 21:8

 

Kufanele ulungisiswe. Ngokuba akusibo abezwayo umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa. Roma 2:13

Kufanele uphendukeAngizanga ukuzobiza labo abacabanga ukuthi balungile, kodwa labo abazi ukuthi bayizoni futhi badinga ukuphenduka.” Luka 5:32

Kumele ulungeBantwana abathandekayo, ningavumeli muntu ukuba anikhohlise ngalokhu. Lapho abantu benza okulungile, kubonisa ukuthi balungile, njengoba nje noKristu elungile. 8 Kodwa nxa abantu beqhubeka besona, kutshengisa ukuthi bangabakaSathane.

labo abacabanga ukuthi balungile, kodwa labo abazaziyo ukuthi bayizoni futhi badinga ukuphenduka.

—Luka 5:32

Umsebenzi wawo wonke umzali?Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho. 7 “Wowafundisa impela amadodana akho, ukhulume ngawo lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. 8 “Wowabopha abe luphawu esandleni sakho, abe njengephambili ebunzini lakho. 9 “Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. Duteronomi 6:4-9

Wonke umuntu kumele azalwe ngokushaNoma ubani ozelwe nguNkulunkulu uyenqaba ukwenza isono, ngoba inzalo kaNkulunkulu ihlala kuye; angeqhubeke esona, ngoba uzelwe nguNkulunkulu. 10 Ngalokhu abantwana bakaNkulunkulu bahlukaniswa kubantwana bakaSathane: Loba ngubani ongenzi ukulunga kasiye okaNkulunkulu, njalo loba ngubani ongamthandiyo umzalwane wakhe. 1 Johane 3:9 Kuyokwenzekani kuwe lapho ufa? Wonke umuntu kufanele afe kanye, futhi emva kwalokho ahlulelwe nguNkulunkulu, KumaHeberu 9:27

 

Ukholo luchazwa ngokomBhalo ngokuthi:

  1. Ukukholwa yilokhu: ukukholwa ukuthi konke uNkulunkulu akushilo kuyiqiniso, ukuzibophezela ukulandela elikushoyo, bese wenza lokho iZwi elikushoyo. Ngamanye amazwi, ukukholwa/ukwethemba, ukuzibophezela ukulalela noma ukwenza, kanye nesenzo sokulalela/ukwenza. Enye indlela esikusho ngayo ukuthi: Ukukholwa kungukukholwa, ukuzinikela nokuthembela kuNkulunkulu naseZwini laKhe.

  2. Sonke isintu “singaphansi komthetho” (umthetho wesono nokufa) size singene esivumelwaneni ngokukholwa kuMesiya futhi sithole insindiso ngomusa ngalolo kholo.

  3. Abantwana BakaNkulunkulu Ngokukholwa 23 Ingakatholakali indlela yokukholwa kuKristu, sasiqashwe ngumthetho. Sagcinwa esitokisini esivikelekile, ngomqondo ongokomfanekiso, kwaze kwambulwa indlela yokholo. 24 Ake ngikubeke ngenye indlela. Umthetho waba ngumlondolozi wethu kuze kufike uKristu; kwasivikela kwaze kwaba yilapho senziwe abalungile kuNkulunkulu ngokukholwa. 25 Manje njengoba indlela yokukholwa isifikile, asisawudingi umthetho njengomqaphi wethu. 26 Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu. 27 Futhi bonke abahlanganiswe noKristu ekubhapathizweni bembathe uKristu, njengokwembatha izingubo ezintsha. Ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu. 29 Manje njengoba ningabakaKristu, seningabantwana beqiniso baka-Abrahama. Nina niyizindlalifa zakhe, futhi isithembiso sikaNkulunkulu ku-Abrahama singesenu.

  4.  Indlela yokuthi sisindiswe ukukholwa ukuthi sonile sifanelwe ukufa ngoba iZwi lisho njalo.

  • NgokukaJohane 3:3 UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Uma ungazalwa ngokusha, ungewubone umbuso kaJehova.

  • IzEnzo 2:38 UPetru waphendula, wathi kubo: “Yilowo nalowo kini makaphenduke ezonweni zenu, aphendukele kuJehova, abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu.

khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.

  • IzAga 28:9 Osusa indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.

  • UmShumayeli 12:13 Yiyo yonke indaba. Nansi isiphetho sami: Mesabe uJehova, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kungumsebenzi wawo wonke umuntu.

  • KwabaseGalathiya 3:28 Akusekho umJuda noma oweZizwe, isigqila noma okhululekile, owesilisa nowesifazane.

Ngokuba nonke nimunye kuKristu Jesu.

  • EkaJakobe 1:22 Kodwa ningagcini nje ngokulalela izwi likaJehova. Kufanele wenze elikushoyo.

Kungenjalo, niyazikhohlisa nje.

“Khona uJehova wathi kimi, memezani! 

Ungazigodli. Yisho kubantu bami u-Israyeli ukuthi: Nonile; Nimjikile uJehova uNkulunkulu wenu. Isaya 58:1

 "Lapho ukhuluma kubo konke lokhu, ungalindeli ukuba bakuzwe. Memezela, ungalindeli ukuba baphendule, uthi kubo: Lesi yisizwe esingayikulalela. uJehova uNkulunkulu wabo nongafuni ukufundiswa.” ( Jeremiya 7:27 ) (Lo nguMntwana kaDeveli) 

Ngokuba uNkulunkulu unguMoya, ngakho abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso. “Ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokomoya. Roma 12:1-2 Iqiniso ngumthetho kaNkulunkulu kufanele niholwe nguMoya Gal 5:18

For God is Spirit, so those who worship him must worship in spirit and in truth. “John 4:24 Present your bodies as a living sacrifice, holy and acceptable to God, which is your spiritual worship. Romans 12:1-2 Truth is God’s Torah You must be led by the Spirit Gal 5:18
bottom of page